KUTHUNGATHWA owokufika odabuka ePakistani ngecala lokubulala isisebenzi enkabeni yedolobha iVerulam ngoLwesine ebusuku.
OWAYENGUMDLALI we-Orlando Pirates, uLebohang Mokoena, unxusa uMonnapule Saleng ukuthi aqhubeke alwele indawo yakhe kuleli qembu.
Ngaphambi kokubonakala kwakhe eziqeqesha naMaZulu, ukukhululwa kukaRadebe kuqale kuqinisekiswe ngumqeqeshi weGalaxy, u-Adnan ...
UKUGCWALA ngokweqile kwamajele kuleli kwenza iziboshwa zilale zibe yisipatolo, zihlanganise imibhede zilale ngantathu ...
“Yebo ukungabaza kubalandeli kuyohlala kukhona, ikakhulukazi uma bengakwazi kahle, yiqiniso lelo. Kodwa akukho okuningi ...
KUNGAKAPHELI isikhathi esingakanani, uMengameli uCyril Ramaphosa, uzithola engaphansi kwenye ingcindezi yokuba athathele izinyathelo omunye ungqongqoshe okwiKhabhinethi yakhe.
UFUNA akhalelwe amasongo kaSigonyela owayengumsakazi weVuma FM, uLinda Ndimande, nayesebenzisana nabo, owesilisa waseMlaza, okhala ngokuqolwa izishaqane zemali.
IYAQONGA impi yokulwa nokuvalwa kwebhange elilengelwa yizembe, Ithala, KwaZulu-Natal njengoba lolu daba selungenwe ngamadlelandawonye ne-ANC esifundazweni.
UTHI uzobona ukuthi kukhona umkhoshosho okhona uma naleli sonto liphinde liphela ingaboshiwe imeya eyamxebula ngezimpama ngeledlule, owesifazane okhubazekile osebenza ehhovisi le-IFP eMtshezi.
Maphumulo, uyaliphika icala lokushaya umdayisi wengqephu, uPhilisiwe “Philly” Mhlongo ngoMashi 12, nyakenye. UBabes ubekhuluma ngesikhathi kuqala ukuqulwa kwaleli cala eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ...
ZIMKHALELE owokufika kuleli obezama ukubhalisa emkhandlwini olawula othisha kuleli iSouth African Council for Educators (SACE), esebenzisa incwadi engumkokotelo yaseMnyangweni wezaseKhaya.
UZazi uqale ukuzakhela ugazi kulo mkhakha ngendawo ayeyilingisa emdlalweni wethelevishini owawuthi Emlanjeni. Wabe esedlulela kobukhonjiswa kwi-Netflix othi Jiva lapho abedlala khona indawo kaNolwazi.